Marching to Zion - trailer in Zulu

Video

 

April 20, 2015

 

Eminyakeni ewu 4000 edlule, uNkulunkulu waziveza ku-Abraham ese-Mesopotamia wase ethi kuyena" Phuma ezweni lakini, nakubantu bakini, nasendlini kayihlo, uye ezweni engizokukhombisa lona. Mina ngizokwenza isizwe sakho sibe sikhulu." U-Abraham wayilalele iNkosi futhi wafikela ezweni lesithembiso iKhenana lapho ahlala khona nendodana yakhe u-Isaka isikhathi eside nomzukulu wakhe uJakobe, ngokuhamba kwesikhathi owashitshwa igama waba ngu "Sirayeli".

U-Sirayeli namadodana akhe ayi 12 bahamba baya eGibhithe ngenxa yendlala ezweni lase Khenana, lapho bazalana baba isizwe esikhulu. Abase Gibhithe bezwa besisaba sizwe sika Sirayeli esinamandla siphila ngaphakathi kwabo, base bebanza izigqila zabo futhi benza izimpilo yabo ibe yimbi ngaphansi kokucindezelwa. Emva kwemi nyaka eyi 430 bese Gibhithe uMose wabakhipha ngaphansi kwe ncindezelo, base bewela ulwandle olubomvu bawelela e-Arabhu, lapho bathola khona umthetho kaNkulunkulu entabeni iSonai.

Isizukulwane samaSirayeli esashiya iGibhithe sihamba noMose asivumelwanga ukungena ezweni lesithembiso ngenxa yokungabi nethemba eNkosini. Bazulazula ehlane iminyaka engama 40 kwaze kwaba kuzalwa isizukulwane esisha esasiyithemba iNkosi bangena ezweni lesithembiso noJoshuwa.

Kwaba iminyaka engama 400, izizwe eziyi 12 zakwa Sirayeli zagwetshwa abehluleli ngokumthetho kaMose. Ngesikhathi befisa ukuba nenkosi njengezinye izizwe, UNkulunkulu wazambula kuSawuli ukuba abe inkosi yabo, owabusa phezu kwabo iminyakaka eyama 40, kwalandela inkosi uDavide naye owabusa iminyaka eyama 40, futhi nendodana kaDavide uSolomoni owaphatha iminyaka eyama 40. Nesikhathi sokubusa kuka Solomoni, umbuso wakwa Sirayeli wawu ngomkhulu, nethempeli lokuqala lase lakhiwa, kodwa inhliziyo kaSolomoni yaphendukela kude neNkosi ekukhuleni kwakhe, uNkulunkulu wase emtshela ukuthi iziwe eziyi 10 angekezibuswe indodana yakhe.

Emva kokufa kuka Solomoni, umbuso wakwa Sirayeli wahlukana phakathi, izizwe eziyi 10 zase nyakatho zabiswa ngamakhosi ayenobumnyama, ayengasona isizukulwane sika Davide noSolomoni. Umbuso wase Nyakatho waligcina igama lakwaSirayeli, kwase iSamariya yaba inhloko dolobha. Izizwe ezincane zaseNingizimu zaziwa ngesizwe sikaJuda, iJerusalema yaba inhloko dolobha, kwabusa isizukulwane sikaDavide. Kuqala ku 2 Makhosi 16, abantu bombuso waseNingizimu waziwa ngesama"Juda" emva kwegama lombuso kaJuda.

Ngenxa yobumnyama yombuso yaseNyakatho yakwaSirayeli, baketulwa base bebuswa amaSiriyeni. AmaSirayeli ayesele azihlanganisa nezizwe ezinye ezafika zaphatha umhlaba. Laba bantu baziwa njengama Samariya, futhi lezi ziwe zase Nyakatho zaSirayeli zazingeke zibe isizwe futhi.

Izizwe zaseNingizimu eJuda agcina esabuswa iBhabiloni kwabayisigwebo sokukhonza onkulunkulu, futhi ithempeli lizakubhidlizwa, kodwa emva kweminyaka eyama 70, amaJuda abuyela kwaJuda, balakha kabusha ithempeli eJerusalema, baqhubeka babuswa ngamakhosi ayisizukulwane kaDavide.

Ngesikhathi sikaKristu, isizwe sikaJuda saziwa ngesizwe sase Judiya futhi saba ngaphansi komthetho wamaRoma. UJesu Kristu nabafundi bakhe bashumayela ivangeli Judiya yonke bebheka izimvu ezilahlekile zendlu yakwa Sirayeli. Emva kweminyaka emi 3 yentshumayelo, amaJuda amphika uJesu ukuthi uyiNkosi base benza umongameli wamaRoma ukuthi makabehelwe. Kwadlula izinsuku ezi 3, wavuka ekufeni wase ezibonakalisa ephila kubafundi bakhe ngaphambi kokuba anyukele eZulwini eyoba ngakwe sokudla sika Yise.

Ngaphambi kokuba abethelwe, waphrofetha ukuthi isigwebo sokumphika, iJerusalema liyakushiswa ngomlilo, ithempeli liyaku bhidlizwa, bese amaJuda ayakuba izigqila zezizwe zonke. Lesi siphrofetho safezeka ngo70 A.D ngesikhathi owayezoba ngumphathiswa wamaRoma u-Titus enqoba iJerusalema.

Kwaba iminyaka eyi 1800, amaJuda ahlala ehlakazekile ngaphansi Kwengcindezelo yezizwe. Isizwe sakwa Sirayeli sabe sibakhona, kwathi amaJuda aphinda futhi athola izwe lesithembiso. Abaningi abakholwa kuKristu bathi lokhu kuyisimangaliso nesibusiso esiphuma kuNkulunkulu, kodwa ingabe ngampela kwakuyisibusiso esivela kwiNkosi na, noma umsebenzi wemimoya yobumnyama? Lesi sithombe sinezimpendulo

 

 

 

mouseover